Izikhundla zemisebenzi kwiminyango kazwelonke neyezifundazwe zigcwaliswa ngokufuna abasebenzi ngokucela abantu ukuthi benze izicelo, kulabo abangasebenzeli uHulumeni. Izikhundla zemisebenzi kwizikhundla eziphezulu, emkhakheni wezokuphatha ophezulu, kumele zikhangiswe kuzwelonke ngaphakathi nangaphandle kweNkonzo yokusebenzela uHulumeni.
Izikhundla zikhangiswa kwi-Public Service Vacancy Circular eqokelelwa njalo ngeviki ngaboMnyango wemisebenzi kahulumeni nezokuphatha . Uma kufunwa abantu abangasebenzeli uHulumeni, lowo Mnyango kazwelonke noma wesifundazwe uzokhangisa ngalezo zikhala zemisebenzi kwabezindaba zamaphepha.
I-website yekheli elithi: Public Service Vacancy Circular, yazisa abasebenzi bakahulumeni ngezikhundla zemisebenzi ezikhona ngaphakathi kweNkonzo yemisebenzi kaHulumeni. Abantu abangasebenzeli uhulumeni, kodwa abathokozela izikhundla ezikhangisiwe, kumele baqale babuze kulowo mnyango okhangisayo uma bengenza izicelo. Imininingwane yokuxhumana nalowo mnyango okhangisile inikezwa kwi-Circular.
Eminye iminyango efana nawoMbutho wezokuVikela ungacela ukuthi wenze uhlolo lwezempilo ngaphambi kokuba kubonelelwe isicelo sakho.
Ukuze uthola , ngena kwi-website yoMnyango weMisebenzi kaHulumeni nokuPhatha.
Ungathola incwadi yokwamukela isicelo sakho, kodwa lokhu kuya ngalowo mnyango.
Inqubo yokufuna abasebenzi kanye nokukhetha iyehlukahluka kwiminyango kahulumeni nakhona ingaphethwa esikhathini esifishane.
Ifomu lesicelo alikhokhelwa.
